SEBEZOKWAZI ukuvota bekhululekile abantu bakuleli njengoba izwe selehliselwe esigabeni sokuqala sikathaqa, ukuze kulawulwe ukubhebhetheka kwe-Covid 19.
UHULUMENI waKwaZulu-Natal ukhala nge-IFP ngokusebenzisa izingqinamba ezisendlunkulu ukuze izitholele amaphuzu epolitiki.
BAFUNA aboshwe owesilisa oyisihlobo okuthiwa ugwaze wabulala owesifazane othandana nababobulili obufana nobakhe eMbumbulu, ngaphandle kwaseThekwini.
IQEMBU i-IFP likhala ngohulumeni waKwaZulu-Natal, oholwa yi-ANC, ngendlela alusingethe ngayo udaba lwasendlunkulu.
KUTHUNGATHWA abasolwa abaphuce iphoyisa likamasipala, isibhamu babaleka naso eWaterloo ngaseVerulam.
BADINWE bayaveva abazali abasola othisha ngokuntshontsha ukudla kwezingane esikole. Lokhu kungemva kokuba njengoba kufikwe kuthathwe konke ukudla kodwa kungazange ...
ZISHE zangqongqa izingane ezintathu ezineminyaka ephakathi kwemithathu nemine KwaMatatane eXobho kuMasipala uBuhlebezwe.
KUNXUSWA abashayeli ukuba baqikelele emgwaqweni njengoba kuzoba yimpelasonto ende, ukugwema izingozi.
KUSUKELA namhlanje, abakuleli sebezokwazi ukuthola isibonelelo sikahulumeni esiwuR350 ezitolo zokudla kwaPick n Pay nakwaBoxer.
UMNYANGO wezokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu-Natal, usuyalele amaphoyisa ukuba ambheke aze amthole bese eyambopha owesilisa ovela kwi-video eshaya owesifazane ...
USATHUKILE unina wengane eminze emphongolweni endlini kade ithi ikha emanzi eHammarsdale.
USALE ushaqekile umphakathi waseShayamoya KwaNyuswa ngokubulawa kowesilisa ethaveni kade kuphuzwa.
UZIMISELE ukumela idolobha uMgungundlovu uNksz Nonkululeko Sithole, waseMbali, ongomunye wabangu-10 abangenele umncintiswano wonobuhle u-Miss SA Plus World 2020 ...
UNINA wephoyisa elisolwa ngokubulala abomndeni nokuzama ukumbulala naye ukuze lithole imali yomshwalensi uveze ukuthi akakholwa wukuthi indodakazi yakhe yazama ukumbulala. ...
NONTUTHUKO NGUBANEUMASIPALA waseNewcastle uthi cishe u-80% wabasebenzi balo masipala ...
UTHUKA izanya owesifazane waseMgungundlovu, othi usolwa ngamanye amalungu omndeni wakhe ahlala ngokumsabisa ngecala lokubulala unina.
USEPHENDUKE isilomo owesilisa waseWillowfontein, eMgungundlovu, ovele ohlelweni kwiMoja Love,
UNGENE enkantolo wamoyizela ukuze ashuthwe izithombe yizintatheli owesifazane waseGoli, osolwa ngokubulala abomndeni wakhe ukuze athole imali yomshwayilensi.
USHAQEKILE umndeni wasemaBhalonini e-Estcourt, ngemva kokuba kudutshulwe kwabulawa abantu abayisithupha, ngowayeyisoka lomunye oyilungu lomndeni.
UNGQONGQOSHE wezeZimali KwaZulu-Natal, uNkk Nomusa Dube-Ncube umfanise nodadewabo umholi weNFP osanda kudlula emhlabeni, uNkk Zanele Magwaza-Msibi.
IKHIPHE izidumbu ezimbili imvula enamandla nokuduma kwezulu esifundazweni.
KUKHALWA nxa zonke ngokushona ngokuzuma kukaJaji Jerome Mnguni (57) okuthiwa ukhale ngokungazizwa kahle esenkantolo, waphuthunyiswa esibhedlela wafike washona.
KUSOLWA abafundi baka-matric ngokushiswa kwengxenye yesikole iGeorgetown, eMgungundlovu, ngempelasonto
Ibandla i-Life Bible Church International eliseMbali, eMgungundlovu, liyaphenya ngezinsolo ezibhekiswe kumfundisi walo osolwa wunkosikazi wakhe ngokumhlukumeza
UMNDENI wowesifazane osemcane ukhala ngesihluku ngokubulawa kwakhe ngabantu abangaziwa, bamfaka uthayela esithweni sakhe sangasese.