UNOMFUNDO Mngomezulu, umdlali netball waseMtubatuba, ubalwa nabadlali abaqavile eMzansi futhi abangumgogodla weqembu lesizwe amaProtea Isithombe:SITHUNYELWE
UKUBE kwakuya ngezifiso zikaNomfundo ‘Hlokoloza’ Mngomezulu, ngabe wagcina esedlalela iqembu lebhola lesizwe iBanyana Banyana. Kepha uyisethenjwa somdlali weqembu lesizwe lenetball, amaProtea.
Le ntokazi (27) eyakhulela eKhula Village, eDukuduku, eSt. Lucia, eMtubatuba, yayizifela ngebhola futhi iyibamba ngakwesokudlala emuva kodwa konke kwashintsha ngo-2012 ngesikhathi abaqeqeshi bebona ifanele ukudlala ibhola lomnqakiswano, i-netball.
“I-netball ngangiyidlala esikoleni kodwa umdlalo engangiwuthanda kakhulu kwakuyibhola likanobhutshuzwayo. Ngo-2012 ngesikhathi kuzokhethwa amaqembu azomela uMkhanyakude kuma-Salga Games, ngangifisa ukuqokelwa eqenjini lebhola. Ngenxa yokuthi i-netball ngangiyazi bangicela ukuthi ngigcwalise enkundleni ngesikhathi kudlalwa imidlalo yokuqoka isikwati,” uchaza kanje uNomfundo ngohmbo lwakhe kwezenetball.
“Kwathi sekubizwa abakhethiwe ngazithola sengifakwe eqenjini lebhola ngabuye ngafakwa nakwinetball. Ekugcineni kwathiwa angihoxe ebholeni ngigxile kwinetball. Ngaze ngakhala ngendlela inhliziyo yami eyayibuhlungu ngayo kodwa kusukela lapho ngaphenduka umuntu wenetball.”
UMngomezulu waqhubeka nokugqama edlalela iZiphozonke kwiKZN Netball Super League, waze wafakwa emaqenjini aKwaZulu-Natal adlala kwiTelkom Netball League (TNL), iKingdom Stars, neKingdom Queens.
Ngo-2021 uqale izifundo zeRoad Traffic Management eNyuvesi iJohannesburg, wamela iqembu lakhona kwiVarsity Netball. Ushintshe iqembu nakwiTNL, wajoyina iGolden Fireballs ezinze eGoli.
Isifiso sakhe sokudlalela iqembu lesizwe sifezeke ngo-2022, ngesikhathi efakwa okokuqala libhekene neBotswana.
“Ngazizwa ngifikelwa wumunyu ngendlela inkundla eyachwaza ngayo ngesikhathi kumenyezwa igama lami. Nganginovalo ngoba ngangingafuni ukuphoxa abantu abebekade bengifisela ukuthi ngithole leli thuba futhi ngingafuni nokuziphoxa mina,” uchaze kanje uHlokoloza.
“Kwathi sengiphakathi enkundleni ngaqala ukukhululeka, ngenza engidume ngakho, ngagcina sengiqokwe njengomdlali ovelele. Lolo wusuku engingasoze ngalukhohlwa.”
Ukuba ngomunye wabadlali abangu-24 abathola izinkontileka ngesikhathi iNetball South Africa, iqala uhlelo olusha lokuholela abadlali ngo-2022, sekuyishintshile impilo kaMngomezulu, uthi ukwazile ukufeza elinye lamaphupho akhe, lokwakhela unina uPhindile, umuzi.
“Umama angazi ngingambonga ngani ngoba uyikho konke. Akakaze angivimbe uma kufanele ngiyodlala. Angikholwa ukuthi wayelindele ukuthi ngizofika kuleli zinga kodwa ngiyajabula ngoba sekukhona engikwazi ukumenzela khona ngenxa yalo mdlalo,” kubeka uMngomezulu.
“Baningi abantu engingasoze ngabakhohlwa abadlale indima enkulu empilweni yami nakwinetball. Ngingabala umndeni wami, ikakhulu o-anti bami uFikile Bila ongasekho, abangiqeqesha babuye bangikhulisa, oJomo Mabanga, Mpumi Mthembu noBongiwe Msomi.”
Le ntokazi eteketiswa ngelikaHlokoloza ngenxa yomdanso owawudumile eminyakeni edlule, ibiyingxenye yabadlali abebesekhempini yeNetball SA ngenyanga odlule, okuzokhethwa kubona iqembu lesizwe. Isifiso sayo esikhulu wukuzinza kumaProtea eminyakeni ezayo ukuze ibe yingxenye yeqembu elizodlala eNdebeni yoMhlaba elandelayo ngo-2027, e-Australia.
Uma ingekho enkundleni yenetball isuke ibheke izincwadi zayo, noma ichitha isizungu ngokubuka amafilimu nokupheka kanti iyazifela ngenyama.
Related Topics: