I-KINGDOM Stars engelinye lamaqembu aKwaZulu-Natal, azogijima kwiTelkom Netball League ezoqala ngoLwesihlanu eGoli Isithombe: SITHUNYELWE
AZIMISELE ngokunyusa amasokisi amaqembu azomela iKwaZulu-Natal, iKingdom Stars neKingdom Queens, emqhudelwaneni kazwelonke, iTelkom Netball League (TNL) ozoqala kuleli sonto.
I-TNL yanonyaka izobanjelwa e-Ellis Park Arena, eGoli. Ihlukaniswe kathathu, umzuliswano wokuqala uzoqala ngoLwesihlanu uphele ngoMeyi 5.
Owesibili uzoqala ngoMeyi 31 uphele ngo Juni 5 bese owokugcina uqala ngoJuni 13 usongwe ngoJuni 19.
Womabili amaqembu aseKZN azobe eyibambe esigabeni sesibili kule sizini kulandela ukuphikwa yimiphumela ngesizini edlule.
Nyakenye iQueens ilale endaweni yesihlanu emaqenjini ayisishiyagalombili abegijima esigabeni sesibili.
IStars siqede emsileni esigabeni sokuqala sagcina sigawulwe yizembe ngesikhathi inqotshwa ngompetha besigaba sesibili, iLimpopo Baobabs, emdlalweni wokuhlunga.
Kuke kwavela ukuthi kungenzeka amaqembu aseKZN angabi yingxenye yeTNL ngenxa yokuthi kunemibandela yomqhudelwano abephambene nayo.
Kuvele ukuthi kunabadlali abebaqokile abebengakulungele ukudlala kwiTNL ngenxa yokuthi abazange babonakale kwiSpar National Championships eRustenburg ngo-Okthoba nyakenye.
Nokho, kugcine kulungile kulandela ukubuyekezwa kwezikwati nokukhishwa kwalabo abebengakulungele ukudlala.
“Kuyiqiniso ukuthi sibhekane nezinselelo ezithile ngaphambi kokuthi sikhiphe amaqembu azosimela kwiTelkom Netball League.
“Njengamanje ngibonga ukuthi ngenxa yobuholi bukaMengameli weNetball South Africa (uCecilia Molokwane) sikwazile ukuxoxisana, salungisa obekufanele sikulungise ukuze abadlali babeyingxenye yalo mqhudelwano,” kusho uMengameli weKZN Netball, uGugu Ngema.
Uqhubeke ngokuthi: “Sekuvunguza umoya omuhle emaqenjini ethu. Ngifuna ukuqinisekisa abantu baKwaZulu-Natal ukuthi sinamaqembu aqinile azosimela kwiTNL. Konke okwenzeke ngesonto eledlule sikuthatha njengenye yezinselelo obekumele sidlule kuzona ukuze siqine.
“Siwadonse ngendlebe womabili amaqembu ukuthi kufanele aqine ngokomqondo futhi asebenze kanzima. ‘Nakuba singeneme ngokuthi azodlala esigabeni sesibili kodwa mhlawumbe yilokho abekudinga ukuze athuthuke. Silindele ukuthi abuye nezindondo.”
UPrecious Mthembu, ophinde aqeqeshe iqembu lesizwe lika-Under-21uzoqhubeka nokupheka iKingdom Stars. Iphini lakhe kusazoba nguNompumelelo Mthembu.
“Ingcindezi ekhona iyona ezosiza abadlali ukuthi bayilungele iTelkom Netball League. Njengoba sesiqinisa amalungiselelo sifuna ukuqinisekisa ukuthi abadlali bayakuqonda ngokuphele esikudingayo kubona nokuthi yikuphi esibheke ukukuzuza kulo mqhudelwano,” kusho uMthembu.
IKingdom Queens isazocijwa umakadebona womqeqeshi, uMagda du Plessis. Iphini lakhe kuzoba nguMaso Mbatha.
“Isifundazwe iKwaZulu-Natal sinabadlali abasezingeni eliphezulu abagijima kwiSuper League, okuyiligi eqinile. Ngihlale ngisho ukuthi uma sibakhetha futhi sizilungiselela ngendlela efanele, asiphinde sibalwe phakathi kwamaqembu ahamba phambili kuleli,” ubeke kanje uDu Plessis.
Amaqembu azomela iKZN kwiTelkom Netball League
Kingdom Stars: Nozipho Ntshangase (ukaputeni), Nelisiwe Msweni, Jordan Buys, Grace Daley, Dikeledi Mpanza, Ntombenhle Shongwe, Noxolo Mdlalose, Asanda Ndaba, Sinenhlanhla Msomi, Tyra Scott, Nozipho Sithole no- Aphiwe Thusini.
Kingdom Queens: Nokwanda Zulu (ukaputeni), Kirsten Ford, Nokuthula Nxele, Nompumelelo Khumalo, Desiree Gravett, Mbali Chonco, Sibanga Mdletshe, Tana de Freitas, Simphiwe Sibisi, Senamile Mthembu, Lonwabo Khumalo noNkanyezi Makhubela.
Related Topics: