UMGADLI weKingdom Stars, u-Aphiwe Thusini, enqaka ibhola emdlalweni weTelkom Netball League ne-Eastern Cape Comets Isithombe: NETBALL/X
ASHESHE akhombisa ukuthi ahlose ukubalwa namaqembu azolwela ukukhuphukela esigabeni esiphezulu kwiTelkom Netball League amaqembu aKwaZulu-Natal agijima kule ligi kazwelonke, iKingdom Stars neKingdom Queens.
IStars, ebigijima kwesiphezulu ngaphambi kokugawulwa yizembe ekupheleni kwesizini edlule, idlale njengeqembu elingaqondile ukuzinza esigabeni sesibili emzuliswaneni wokuqala walo mqhudelwano obubanjelwe e-Ellis Park Arena, eGoli.
Kulo mzuliswano, oqale ngo-Ephreli 26 wasongwa ngoMeyi 5, iStars inqobe imidlalo eyisikhombisa, yanqotshwa kowodwa. Uphele iqhwakele esigabeni sesibili ngamaphuzu angu-14 emidlalweni eyisikhombisa.
Iwathele phansi amaqembu ebhekene nawo i-Eastern Cape Comets, Western Cape Tornadoes, Mpumalanga Sunbirds, Free State Sonoblomo, North West Tshukudu, Northern Cape Diamonds neLimpopo Lillies.
Umdlalo ehlulwe kuwona kube ngowomkhaya lapho igotshwe yiQueens ngo-49-47 emdlalweni oshiye abalandeli bebambe ongezansi.
Umqeqeshi weStars, uPrecious Mthembu, uthe isifiso sakhe wukuthi bangabe besawehlisa amasokisi kodwa babuye baqine kakhulu emzuliswaneni ozayo.
“Isonto lokuqala leTelkom Netball League libe yimpumelelo kithina njengeKingdom Stars uma sibheka imigomo ebesizibekele yona. Iqembu liqale lintengantenga, ikakhulukazi emdlalweni wokuqala ngenxa yokuthi abadlali bebesazama ukujwayela umoya waseGoli kodwa lagcina lingene kahle kweminye imidlalo,” kusho uMthembu.
“Iqembu ligcwele abadlali abasebancane kulo nyaka kodwa ingithokozisile kakhulu indlela abadlali abanamava abakwazile ngayo ukubamukela eqenjini. Phambilini sike saba nenkinga yokushweba amagoli kodwa asibanga nenselelo enkulu kangako ngasepalini kulokhu.
“Kodwa-ke usemkhulu umsebenzi okufanele siwenze kuzo zonke izindawo ezahlukene. Okusemqoka kakhulu kimina wukuqinisekisa ukuthi bonke abadlali abangu-12 basezingeni elifanayo ukuze uma senza izinguquko sikwazi ukugcina umfutho ofanayo nendlela esifuna ukudlala ngayo.”
Nakuba imiphumela yeQueens ibe wugingqigongqo kodwa indlela esonge ngayo isonto lokuqala iyishiye ingekho emuva kakhulu emaqenjini alandela ezithendeni zeStars.
Leli qembu, eliphekwa nguMagda du Plessis, linqobe imidlalo emine, lahlulwa kwemine, kwasongwa umzuliswano wokuqala lisendaweni yesithupha kwi-log ngamaphuzu ayisishiyagalombili.
Umzuliswano wesibili uzobanjelwa enkundleni efanayo, i-Ellis Park Arena, kusukela ngoMeyi 31 kuya kuJuni 5 bese owokugcina uqala ngoJuni 13 uphele ngoJuni 19.
Iqembu eliqhwakele esigabeni esiphezulu yiFree State Crinums enamaphuzu angu-11 emidlalweni eyisithupha. Inqobe emihlanu, yadlala ngokulingana kowodwa.
Iqembu elisemsileni kulesi sigaba futhi elisengcupheni yokudlala umdlalo wokuhlunga ekupheleni kwesizini yiLimpopo Baobabs esathole isibhaxu emidlalweni eyisithupha.
Related Topics: