PITSO MOSIMANE
SEZIQALILE ukuncoma umsebenzi omuhle osuwenziwe ngumqeqeshi wakuleli, uPitso Mosimane, izinkakha zeqembu alicijayo e-Iran, i-Esteghlal FC.
UMosimane uthathe izintambo kuleli qembu eligijima kwiPersian Gulf Pro League maphakathi no-Okthoba. Ufike seliphenduke ukudla kwenduku, naye wabingelelwa ngesibhaxu.
Nokho, i-Esteghlal isidlale imidlalo emine ilandelana ingashaywa, lanqoba emibili, yadlala ngokulingana kwemibili.
Ngesikhathi esanda kuqashwa uMosimane, enye yezinkakha ze-Esteghlal, uShahin Bayani, yathi ayiboni ukuthi lo mqeqeshi uzokwazi ukufukula leli qembu njengoba esenqobe izicoco ezinkulu namaqembu afana ne-Al Ahly yase-Egypt ne-Al Ahli yaseSaudi Arabia.
UFarshad Falahatzadeh, owadlalela i-Esteghlal ngo-1987 kuya-1994, nango 2000 kuya ku-2002, ubona lo mqeqeshi esenze umehluko obonakalayo selokhu efikile.
“UMosimane wenze kahle kuze kube yimanje. Ungumqeqeshi osezingeni eliphezulu futhi uyawenza umsebenzi wakhe. Indlela engcono i-Esteghlal esidlala ngayo uma iqhathaniswa nesikhathi esedlule iyabonakala. Ngicabanga ukuthi iwumphumela wendlela iqembu elizilolonga ngayo ngaphansi kukaMosimane. Ngaphezu kwalokho, uMosimane ubonakala esekwazi ukufaka indlela afuna ukudlala ngayo kubadlali,” kusho uFalahatzadeh ekhuluma ne-website iSahebkhabar.ir.
“Usheshe wakhombisa ukuthi uyabazisa abadlali abasebancane, wabasebenzisa zibekwa nje. Lokhu kubanike umfutho nabadlali asebezakhele amagama kwaphinde kwanika laba abasebancane ugqozi nokuzethemba. Ukhombise ukuthi akabaseki ngomlomo nje abadlai abancane kodwa nangezenzo.”
Enye yezinkakha ze-Esteghlal, u-Abbas Sorkhab, ithe ulwazi lukaMosimane lokuqeqesha emazweni ehlukene afana naseNingizimu Afrika, Egypt, Saudi Arabia nase-United Arab Emirates lumenza abe ngumuntu okulungele ukuthuthukisa iqembu.
“Ungumqeqeshi onamava osenqobe izicoco eziningi namaqembu ake awahola futhi usesebenze emazingeni ahlukene. Ngaphandle kokudla izicoco, uphinde wakhuphula amaqembu ewasusa esigabeni esiphansi, wawabeka phezulu. I-Esteghlal ibe nenhlanhla ngokuthola lo mqeqeshi,” kusho uSorkhab.
“Irekhodi lakhe likhombisa ukuthi uhlale efuna ukuthi amaqembu akhe ahlasele. Akayena umqeqeshi okholelwa ekuhlaleni emuva. Abalandeli be-Esteghlal abathandi ukubuka iqembu elivala emuva, bathanda uhlobo lwebhola oluya phambili, olufuze olwaseBrazil.”
Ukunqoba iFoolad Khuzestan ngo 2-0 koweligi ngoMgqibelo, kusize i-Esteghlal yanyukela endaweni yesishiyagalombili kwi-log ngamaphuzu angu-14 emidlalweni engu-11.
UMosimane uthe nakuba iqembu likhombisa ukuthuthuka kodwa usemkhulu umsebenzi okufanele wenziwe.
“Akufanele sisheshe sijabule kakhulu, sisekude kakhulu nalapho kufanele sibe khona. Umonakalo owenziwe singakafiki muningi, sisazama ukulungisa wona. Kufanele sihlale sizithobile futhi siqhubeke nokuzikhandla,” usho kanje uMosimane exoxa neVista.ir.
UMosimane nezakhe sebezogxila kwiHazfi Cup lapho bezobhekana khona noMes Kerman koweLast 32 ekhaya namuhla ntambama. Umdlalo uzoqala ngo-5pm eShahr-e Qods Stadium eTehran.
Related Topics: