U-PRODIGAL Khumalo oqale umjaho i-Orcas Ultra Marathon ezoba seThekwini, ngo-Ephreli 20 Isithombe: Facebook
UMGIJIMI ohlonishwayo osephenduke umqeqeshi, uProdigal Khumalo, ubheke ukusiza abagijimi abafuna ukuzibekisela indawo kwiComrades Marathon ngomjaho wakhe omusha, i-Orcas Ultra Marathon ozoba seThekwini, ngo-Ephreli 20.
UKhumalo onamagolide amabili eComrades, ungumnikazi wekilabhu yabagijimi i-Orcas Academy.
"Bengijwayele ukuhlela izinkambu zokuqeqesha abagijimi uma kuwuDisemba. Kuningi esengikufundile lapho esizokusebenzisa kulo mjaho. I-Orcas Ultra Marathon izobe iqala kulo nyaka. Wumjaho ka-50km wokuqala eThekwini, edolobheni. Miningi ekhona engo-21 no-42 kodwa awukho owaleli banga. Uzosiza abafuna ukungenela i-Comrades," kusho uKhumalo.
Uthe umzila okuzogijinywa kuwona awunazintaba ngoba uzoqala eKings Park Athletics Stadium futhi uzobe ugudla edolobheni uhambe nasebhishi.
"Amabanga ahlukene kabili, kukhona u-25km noka-50km. Abenza u-50 bazophinda kabili."
Uqhube wathi phakathi kwezinto abazokwenza isiqiniseko sokuthi zisesimweni yiziphuzo zabagijimi ngoba yibanga lide futhi kuyashisa.
"Onogada sizoqinisa kubo ngoba abagijimi kweminye imijaho bakhala ngokuthi izimoto ziyagqekezwa, akuphephile. Sifuna ziphephe nabo abagijimi baphephe."
Ngokusho kukaKhumalo, balindele abagijimi abangu-3 000 njengoba besaqala. Ukungenela kuvuliwe e-event-timing ngo-R490, kuthi u-25km ube wu-R290. Umjaho uzoqala ngo-5 ekuseni.
UKhumalo weluleke abagijimi abazilolongela iComrades ezobe yehla isuka eMgungundlovu ngoJuni 8.
"Ilanga liyashisa ngakho abagijimi kumele bavuke ekuseni kakhulu. Uma uzogijima mhlawumbe u-40km, kukuthatha amahora amathathu noma amane. Uma uqale isikhathi sesihambile ilanga lizokushisa wome uphelelwe wumdlandla. Uma ulimele ungaphoqi, phola kahle bese uyazilungiselela. Ongakwenza ungabuyekeza isikhathi obufuna ukuqeda ngaso ngoba kukhona esizokulahlekela ungajimi usalulama," kusho uKhumalo.
Kwenzeka lokhu nje, iComrades Marathon Association iqashe ngokugcwele u-Alain Dalais njengemenenja jikelele yomjaho. UDalais ubebambe njengeRace and Operations Manager kusuka ngoJulayi 2024, okuyisikhundla esasiphethwe ngu-Ann Ashworth.
Related Topics: