UKHAMA Billiat ugcine ukuba semabhukwini eKaizer Chiefs ngaphambi kokuhlukana nayo ngoJuni, usenezingxoxo neCape Town City Isithombe: BACKPAGEPIX
KUNGASE kucace ngasekupheleni kwaleli sonto ukuthi uKhama Billiat uyasayina noma cha kwiCape Town City.
Ngesonto eledlule, uJohn Comitis oyisikhulu esiphezulu kumaCitizens, utshele leli phephandaba ukuthi ulindele ukusayinisa umgadli wezinga eliphezulu ongayena wakuleli.
Kungakapheli sikhathi esingakanani esho lokhu, kube sekuvela ukuthi usezithendeni zikaBilliat.
Kuzokhumbuleka ukuthi ngasekuqaleni kukaJulayi, iChiefs ikhiphe isitatimende eveze kuso ukuthi lo mgadli waseZimbabwe unyamalele.
Inkontileka yakhe beyiphela ekusongweni kwesizini edlule. IChiefs iveze ukuthi beyifuna ukuyivuselela kodwa ngokusho kwayo kwagcina ngokuthi lo mdlali ingasakwazi ukumthola.
Kweminye imithombo kugcina kuvela ukuthi uBilliat uncamele ukushiya kwiChiefs ngenxa yokungavumelani ngokuthile ngenkontileka entsha. Esehambile kuvele amahebezi angaqinisekiswanga athe usejoyine iZamalek yase-Egypt. Kuzokhumbuleka ukuthi wuComitis owaletha kuleli uBilliat ngo-2010 esekwi-Ajax Cape Town.
Lesi sikhulu sikuqinisekisile kuleli phephandaba ukuthi bamfuna uthuli uBilliat.
Sithe bazohlangana ngoLwesine ukuqeda konke.
"Nakuba ngingeke ngande kakhulu kodwa ngingakuqinisekisa ukuthi sesikhulume iziwombe ezimbili noKhama. NgoLwesine kumele asicacisele ukuthi uyasijoyina noma cha. Konke kubukeka kuthembisa. Sinobudlelwano obuhle naye. Ukhumbule ukuthi wafika kuleli ngenxa yami ngisekwi-Ajax Cape Town. Namanje ngizimisele ukwenza esifanayo. Uma engasijoyina angaba usizo olukhulu kwinkinga yamagoli," kubeka uComitis oyichithile eyokuthi lo mgadli unenkontileka neZamalek.
Kwi-Ajax, uBilliat wahamba eshaye amagoli awu-23, emidlalweni ewu-92.
Uzakhele kakhulu udumo esejoyine iMamelodi Sundowns ngo-2018. Ubeshisa engabaselwe ebambisene noLeonardo Castro waseColombia noKeagan Dolly phambili. Baze bathiwa igama elithi CBD.
Wahamba kumaBrazillians eseshaye amagoli awu-48 emidlalweni ewu-144. Nokho kwiChiefs izinto azihamba kahle njengoba ebehlushwa nawukulima. Uyishayele amagoli awu-24 kwewu-126.
UComitis usho amashushu nje ekusayiniseni uBilliat, usanda kunikeza uLebogang Manyama umsebenzi wokuba yiphini lomqeqeshi esikwatini esikhulu. UManyama naye uchithwe yiChiefs, wazama inhlanhla kwiCity kodwa yagcina ingakwazanga ukumsayinisa ngesizini edlule ngenxa yokulimala. Kulo nyaka ugcine ememezela ukuthi useyaliyeka ibhola ngoba inkinga yakhe ayipheli.
Related Topics: