ABADLALI beBafana Bafana beziqeqesha izolo eDobsonville Stadium, eGoli njengoba belungiselela ukubhekana neNigeria ngoLwesihlanu kowokuhlungela iNdebe yoMhlaba Isithombe: BACKPAGEPIX
BAFIKE benezinkinga abadlali beMamelodi Sundowns ekhempini yeBafana Bafana, ngokusho komqeqeshi weqembu lesizwe, uHugo Broos. Kumanje umqeqeshi uhlelela umdlalo ka-Group C wokuhlungela iNdebe yoMhlaba ka-2026 neNigeria ngoLwesihlanu ngo-9 ebusuku, eGodwill Akpabio Stadium, e-Uyo.
Lokhu kugqame enkulumweni kaBroos esithangamini nabezindaba izolo eDobsonville Stadium, eSoweto, ngaphambi kwemidlalo emibili emqoka yokuhlungela iNdebe yoMhlaba neNigeria neZimbabwe ngokwahlukana.
Bayisishiyagalolunye abadlali beSundowns abebebizwe nguBroos kwiBafana kodwa ithe iqala ikhempu, uGrant Kekana, ubengaseyona ingxenye yayo ngenxa yokulimala indawo yakhe yathathwa, nguGiven Msimango, weKaizer Chiefs.
Ngaphandle kukaKekana, uKhuliso Mudau, Ronwen Williams, Aubrey Modiba, Bathusi Aubaas noTeboho Mokoena, bonke bafike nokuthinteka okuthile yize kungekubi kangako.
Kucacisiwe esithangamini nabezindaba ukuthi uWilliams uhlushwa yihlombe ngakho-ke uzoziqeqesha kancane kunabanye kanti uMudau uzisholo yena ukuthi uzobe eselungile ngosuku lomdlalo.
Laba badlali bebeyibambe kowamanqamu eNedbank Cup ne-Orlando Pirates ngempelasonto edlule. UMudau uwudlale waze wawuqeda umdlalo ekhwengxela ihlombe ebelimhlupha futhi bese libhandishiwe.
“Odokotela babone kungcono abuyele ekhaya uGrant (Kekana) kodwa laba abanye (beSundowns) ngaphandle kukaRonwen (Williams) bazoziqeqesha ngokugcwele,” kusho uBroos.
“Okuqaphelekayo ukuthi kubadlali abangu-23 esibabizele eqenjini lesizwe abayisithupha abaqhamuka eqenjini elilodwa banezinkinga.
“Okungenza ngingahlaliseki ngalokhu kulimala ukuthi uma kungelona inyonga kusuke kudonseke umsipha ekubeni nangesizini ezayo sizokwanda isibalo semidlalo yeSundowns.
“Sonke siyazi ukuthi iSundowns idlala imiqhudelwano eminingi kunamanye amaqembu kodwa lolu hlobo lokulimala ngokwazi kwami alujwayele ukuhambisana nokukhathala,” kuqhuba uBroos.
UBroos uphonse inselelo ethimbeni lodokotela beSundowns ngalokhu kulimala ngendlela efanayo njalo kwabadlali bayo.
“Isifiso sami ukuthi odokotela beSundowns bayifakele izibuko indaba yale misipha nala manyonga abadlali bayo ngoba kwabanye akuqali kepha kuvuka okudala.
“Akufihliwe ukuthi iSundowns iyingxenye enkulu yeBafana ngakho-ke kuzoba yinkinga kithina kusasa uma sesizithola singasakwazi ukukhetha kwiSundowns ngoba abadlali bayo belimele,” kusho umqeqeshi.
Ngaphandle kwezinkinga uBroos uzwakalise ukweneliseka ngakubone ngosuku lokuqala kubadlali bakhe ngoba isemqoka yomibili imidlalo.