UMLANDELI weKaizer Chiefs eshunqisa okusampepho ephethe nesikhumba senyamazane emdlalweni wezakhe naMaZulu eMoses Mabhida Stadium Isithombe: BACKPAGEPIX
IZINDLELA zokuzicijela imidlalo emikhulu sezithuthuke kakhulu ebholeni lesimanje kodwa kukhona imikhuba engashintshi ebholeni lakuleli endaba yayo ikhulunyelwa emakhosombeni.
Njengoba izinkulungwane zabalandeli zilindele umdlalo we-Kaizer Chiefs ne-Orlando Pirates e-FNB Stadium, eNasrec, kukhona isithunywa thizeni esinikwe umsebenzi ongekho ohlwini olwaziwa yiFifa ngokwemigomo yezidingo zomdlalo.
Lo msebenzi osesithe uJomo Sono wayewubiza nge-special projects, okuvela ukuthi nakulesi sikhathi sekudlala ama-2K le mikhuba iseyingxenye yemigilingwane eyenzeka ngaphambi kwemidlalo emikhulu.
Abadlali abadlale kwi-Chiefs noma kwi-Pirates asebathi khumu bayakhuluma ngale ndaba lo mdlalo wabakhaya wenza kushintshe ngisho ukusetshenziswa komuthi ojwayelekile ukusetshenziswa.
Eminyakeni emine edlule, kwasabalala ezinkundleni zokuxhumana i-video yothile we-Pirates echela okusaketshezi epalini ngaphambi kokuqala komdlalo. Abalandeli baMakhosi abebengemuva kwepali, bamhhewula kodwa wabashaya indiva. Emuva kwalokho, kwasuka othile kwi-Chiefs wayochela kulona lelo pali. Nakuba kusuke kungaziwa ukuthi kuyini okuchelwayo kodwa emiqondweni yabalandeli, kusuke kuyilona iphukeshe.
UBruce Ramokgadi, owayedlalela i-Pirates uyavuma ukuthi liyenyuswa izinga lengo^ma emidlalweni womkhaya baseSoweto.
“Ngokujwayelekile sasigeza ngomuthi kanye ngesonto. Kodwa uma sizodlala ne-Chiefs sasigeza isonto lonke kabili ngosuku. Sasingena ekhempini ngoLwesithathu, sigeze ebhavini elinomuthi ngaphambi kokuyojima noma sesiyolala. Kwesinye isikhathi sasiya ehlathini, sibe nqunu, siyokweqa umlilo.
“Okunye kwakuphuzwa, okunye sigqume ngakho. Ngisho abadlali abalimele, babelulama uma kuzodlalwa ne-Chiefs, bakwenze konke esikwenzayo. Isizathu sakho konke lokho wukufuna ukuzigqaja okuwumuzwa obakhona uma sesiwinile. Akekho ofuna ukwehlulwa yi-Chiefs,” kusho yena.
Le mikhutshana ayivamile ukwenziwa abadlali kubona wonke umuntu kodwa eminyakeni edlule kwasuka igidigidi kubonakala okusancweba engalweni yomgadli wePirates, uThamsanqa Gabuza, owashaya elinye lamagoli azikisa umkhumbi waMakhosi. Lokhu kwaphenduka izaba kubalandeli beChiefs abebekholwa wukuthi behlulwe ngenxa “yomuthi” kaGabuza.
UJustice Sithole, owayengumgadli we-Chiefs, uthe zaziba khona izinto ababezisebenzisa eNaturena uma bezobhekana ne-Pirates.
“Ngikhumbula kwesinye isikhathi sizodlala ne-Pirates, saseqa imbawula ezindlini zokushintshela. Le mbawula yayisuke ithe khehle amalahle. Kwakukhona inyanga eyayilokhu ifafaza okuthize okuwuketshezi phezu kwamalahle, thina sijombe ngaphezulu. Emuva kwalokho, le nyanga iphatha isigubhu samasi okwakunenkolelo yokuthi asetshenziselwa ukudida otikoloshe.
“Kwesinye isikhathi sasigeza ngomuthi ebusuku ekhempini. NgoLwesihlanu ulala ugezile, ngoMgqibelo ekuseni ugeza khona futhi emuva kwesidlo sasekuseni. Akekho owayenqaba ngoba wawusuke ungafuni ukuba yikhongco elibuthaka eqenjini, i-Pirates ingene ngawe,’’ usho kanje.
Kwabaningi impi enkulu isenkundleni kodwa kwabasebenza ekusithekeni, usuku lomdlalo lufana nolokuphothula umsebenzi wesonto lonke.
Related Topics: