UMQEQESHI weDurban City, uSimo Dladla, ezakhe ezisaqhwakele kwi-log yeMotsepe Foundation Championship Isithombe: BACKPAGEPIX
YIZE udonga lwakhe lwasemuva luqinile futhi nabadlali bakhe bewahlohla amagoli kule sizini, kodwa umqeqeshi weDurban City, uSimo “Govuza” Dladla, ukholwa wukuthi ukuqinisa isikwati sakhe ngabanye abagadli kuzokwenza umehluko kuleli qembu elisembangweni wesicoco seligi yeMotsepe Foundation Championship.
ICity iqhubekile nokubambelela esicongweni se-log yeMotsepe Championship ngokushaya iKruger United ngo 1-0 wegoli likaJoslin Kamatuka eChatsworth Stadium, eThekwini, ngoLwesihlanu.
Ukubhaxabulwa kwe-JDR Stars yiCasric Stars ngo 3-1, kunike iCity ithuba lokuphefumula esicongweni se-log ngamaphuzu angu-34 emidlalweni engu-17, njengoba isivule igebe lamaphuzu amane phakathi kwayo ne-JDR esendaweni yesibili ngangu-30 emidlalweni elinganayo.
ICity ihamba phambili ngokuhlohla amagoli kwiChampionship kule sizini, njengoba isishaye angu-27. Ilandelwa ngabakhaya bayo iMilford, abashaye angu-22. IMilford ibuye nephuzu elimqoka ekuhambeni ibambana ngo 2-2 neCape Town Spurs, e-Athlone Stadium, eKapa, ngalo uLwesihlanu.
“Ngicabanga ukuthi sinodonga lwasemuva oluqine kakhulu kwiligi kule sizini kodwa iligi ayinqotshwa ngukuvala emuva kuphela, sidinga abagadli abanezindlela ezihlukene zokudlala. Lokho kuyosinika ithuba elingcono ekubhekaneni nezimbangi zethu, zizithole ziqagela ukuthi sizodlalisa bani, siyeke bani,” kusho uDladla.
ICity inabagadli abanamava okunguKamatuka osehlohle amagoli ayisishiyagalolunye noRuzaigh Gamaldien. Iphinde yangena emakethe ngewindi likaJanuwari, yasayinisa uMenzi Ndwandwe osuka kwiMagesi FC, yaboleka omunye umgadli kuMaZulu FC, uSenzo “Mbhobho” Ndlovu.
Muva nje, isanda kusayinisa omunye umgadli, uLuvuyo Phewa, obebolekiswe yiMamelodi Sundowns kuMaZulu. UPhewa akasenayo inkontileka neSundowns okumenza umdlali weCity ngokugcwele.
Ubekhona ebhentshini ngesikhathi iCity ibhekene neKruger yaseMpumalanga, ngoLwesihlanu, yize engadlalanga.
“UVuyo ungumdlali oseqophelweni engikholwa wukuthi wayengeke abe semabhukwini eSundowns ukuba wayengeyena umdlali oseqophelweni. Usenesikhashana engadlali ngenxa yokugula njengoba nakuMaZulu engadlalanga nowodwa umdlalo (ngaphambi kokuba amdedele). Maduzane uzobe esekulungele ukudlala, siyamfaka kancane, kancane esikwatini sethu,” kusho uDladla.
Related Topics: