IZELAMANI zakwaMseleku ezizophinde zibonakale zibhekana nezinkinga ezihlukene empilweni yazo njengoba sezikhulile futhi zibhekana nempilo yokukhulela esithenjini ohlweni olushaya ibuya Izingane Zesithembu kuMzansi Magic
Image: Sithunyelwe
KUZOVELA isinqandamathe esisha sendodana kaMseleku, uMpumelelo osamile kwelokuthi uzohamba ezinyathelweni zikayise ngokuba nesithembu.
Lokhu kuvezwe abeMzansi Magic njengoba bememezele izindaba zokuthi lukhuza ibuya uhlelo Izingane Zesithembu noluzoqala kulesi siteshi ngoMeyi 25, ngo-7 ebusuku.
U-Irvin Pooe weMzansi Magic uveze ukuthi lezi zelamani zakwaMseleku zizobuya ngegiya eliphezulu njengoba abanye bebheka uthando, befundisana ukuhloniphana bebodwa nokuqhubeka befunda ukuzimela njengoba abanye bengasekho phambi kwabazali.
“Ababukeli balolu hlelo bangalindela ukuvela kwezimfihlo, ukuphuka kwezinhliziyo kwabanye ngenxa yezinto abazozizwa. Kodwa kukhona konke lezi zingane zifuna kube noxolo phakathi kwazo ikhona lokho ezikulwelayo kodwa ngeke kube uhambo olulula ukuthi zifike lapho,” kusho u-Irvin.
Uveze ukuthi okunye okuzogqama, izingane zizoveza ukuthi ibe njani impilo yazo zikhula ngenxa yokuzalwa esithenjini.
“Bonke bakhulile manje, iningi labo sekungabantu abadala, bazozama ukuhlangana nabanye abantu bakhe ubudlelwano nokuzodala ukuthi babhekane nezingqinamba ezinkulu zempilo. UMpumelelo, uzovela esothandweni nabesifazane ababili - uTirelo nomunye omusha ozongena empilweni yakwaMseleku.
Kuhlaluka ukuthi uMpumelelo uyakwazi yini ukubalobola laba bobabili noma izinto zakhe zizomosheka kakhulu. USne uzokubeka kucace ezinganeni zakwabo ukuthi uyena usisi omdala futhi ufuna bamhloniphe. UMpilo uzosukumela ukulungisa udaba oluthinta isibongo sakhe njengoba kunempi phakathi kwabasekhaya kubo kanina nabakwaMseleku,” kuchaza u-Irvin.
Uveze ukuthi uLwandle no-Abongwe ibona abazobe belwa impi yokugcina uxolo ezinganeni zakwabo.
UTirelo, kuvela ukuthi uzobe ebhekene negcindezi njengoba izinto kubukeka zingabi ngcono ebudlelwaneni bakhe bezothando, okulindeleke ukuthi kubonakale ukuthi uzoqhubeka nokubekezelela uMpumelelo ohlale enentombi entsha noma uzosukuma ashiye kulobu budlelwano.
Related Topics: