OSAWOTI bokugeza ibath salts edala izinkinga kwabanye abantu besifazane uma begeza ngawo ISITHOMBE: SIGCINIWE.
USAWOTI wokugeza, ibath salt, abaningi abajwayele ukugeza ngawo ngemuva kokusebenza kanzima noma ngemuva kokuzivocavoca, ungalimaza isitho sowesifazane sangasese wenze ukuthi kube lula ukuthi amagciwane angene kuso.
Kunenkolelo yokuthi usawoti wehlisa ukuvuvukala uphinde usize ngokwehlisa ubuhlungu ezicutshini zomzimba ezisuke zibuhlungu ngemuva kokusebenza kanzima.
Abantu abaningi baye bakhethe ukusebenzisa labo sawoti abathakwe ngeziqholo abanamaphunga ehlukene, kanti isitho sowesifazane sangasese asizwani nokuhlanzwa ngezinto ezinamakha, insipho noma amakhemikhali.
Ongoti bezempilo bathi umlomo wesitho sangasese okuyiwo ovalela amagciwane ngaphandle kwabanye abantu besifazane uma uke wacwiliswa kulabo sawoti ngesikhathi umuntu ecwilise umzimba wakhe wonke ngenhloso yokuthoba, uyaphazamiseka kwehle izinga lawo lokusebenza. Loku kwenza ukuthi kube lula ukuthi amagciwane angene.
Bathi inhloso yokucwilisa umzimba kusawoti wukuthi usawoti uma uncibilikile emanzini, udonsa imagnesium emzimbeni okuyiyona edala ukuthi izicubu ezithile zidonseke uma kade usebenza kanzima noma uzivocavoca.
"Ngesikhathi umuntu ecwilise umzimba wakhe kusawoti ngenhloso yokuthi kumunceke imagnesium kule mikhiqizo kasawoti efakwe emanzini, izinga losawoti bemvelo abaziwa nge-pH abasesithweni sowesifazane bayaphazamiseka. Ababe besaba ezingeni elidingekayo lemvelo okwenza ukuthi kube lula ukuthi amagciwane angalawuleki.
Uma lokho kwenzekile kuba nokuluma kwesitho sangasese noma sibe noketshezi oluphumayo.
I-pH yenza ukuthi noma ngabe likhona igciwane elikhona lingabi namandla, kodwa uma kuke kwakhona ukuphazamiseka kwe-pH igciwane lithola ithuba. Abanye imikhiqizo enamakha bayisebenzisa ngoba befuna ukuthi isitho sabo sangasese sinuke kahle, kanti le mikhiqizo iyona ezobadalela inkinga yokwehlisa izinga le-pH.
Abakhiqizi bezinto zokugcoba abanesikhungo zokuzivocavoca i-We Thrift, bathe eminye imikhiqizo idala ukuthi i-pH ingabe isaba sezingeni elifanele.
"Uma i-pH ingekho ezingeni elifanele amagciwane abevele ekhona athola ithuba bese kuba nokuluma esithweni sangasese kodwa lokhu akwenzeki kubo bonke abantu. Abanye abantu besifazane baba nenkinga abanye ababi nalutho. Kubalulekile ukuthi uqale uwuhlole umkhiqizo ngaphambi kokuwusebenzisa ukuze wazi ukuthi wena ukuphatha kanjani," kusho ithimba elikhiqiza izinto zokugcoba e-We Thrift.
Izinkinga ezijwayelekile:
Kuba wukuphuma koketshezi olungajwayelekile ngenxa yokuthi lushintshe umbala, iphunga lalo noma luhlambuluke noma lushube okuyinto umuntu wesifazane abengenayo ngaphambi kokusebenzisa lowo mkhiqizo.
Okunye okuke kwenzeke ukuthi kube nobuhlungu esithweni sangasese, kwabanye kuba nobuhlungu uma bechama. Ukuvuvukala noma ukushintsha kombala wesitho sangasese kube sengathi siba ubomvu, kwabanye kuphume negazi elincane.
Abakhiqizi bale mikhiqizo bathi uma ubona ezinye zalezi zimpawu, ungaqhubeki nokuyisebenzisa.
Gwema ukuya ocancini, geza ngamanzi kuphela, gqoka izimpahla zangaphansi ezikukhululayo ezinganamatheli.
Bathi uma ube nenkinga ngemikhiqizo enosawoti uma izicubu zakho zibuhlungu ngemuva kokusebenza kanzima sebenzisa iqhwa ulibeke phezu kwalapho kubuhlungu khona.
Okunye ongakwenza ukuthi uye kochwepheshe ababhucunga umzimba abakwazi ukupholisa izicubu ezibuhlungu.