I-BAKING soda ingenye yezinto zasekhaya ongazisebenzisa ukuqeda inkwethu Isithombe: SIGCINIWE
KUJWAYELEKILE ukuba nenkwethu. Abanye bayakwazi ukuyilawula ingaze ifike ezingeni lokubafakela amahloni. Abanye iyabehlula.
Kuvamisile ukuthi uma igcwele ekhanda ilume esikhunjeni bese uyayinwaya, ivuthulukele ezimpahleni ozigqokile bese kubukeka kabi.
Ongoti bezempilo bathi inkwethu iyelaphekayo ngokusebenzisa imikhiqizo ethengwa emakhemisi ngaphandle kwencwadi kadokotela. Kodwa bakhona ebathwalisa kanzima kudingeke ukuthi babonane nodokotela besikhumba.
UDkt Dilshaad Asmal ungoti wezifo zesikhumba, uthi kusemqoka ukuya kudokotela wesikhumba kodwa zikhona izinto umuntu angazisebenzisa ekhaya ezilawula ukukhekhebuka kwesikhumba nokuluma.
Phakathi kwezinto ezingasetshenziswa ezihlale zikhona ekhaya ubale ivinegar, inhlaba, i-apple cider vinegar, ibaking soda, itea tree nezinye.
Uthe uvinegar usiza ekutheni welapha isikhumba esomile bese uphazamisa ukwakheka kwamagciwane adala inkwethu. UDkt Asmal uthe uvinegar uwuhlanganisa namanzi umanzise isikhumba. Le ngxube uthe kumele kuphele imizuzu ewu-30 isezinweleni ngaphambi kokuthi uyigeze.
Baking Soda (bicarbonate of soda)
Uthe isusa isikhumba esifile kodwa ayilimazi. Uthe ama-cell esikhumba asefile abayinkwethu kanti uma unqanda ukuthi amakhekheba aphume esikhunjweni abonakale ngaphezulu inkwethu isuke isinqobekile.
Tea tree
UDkt Asmal uthe itea tree ingezinye zezinto ezihlale zikhona ekhaya ongazisebenzisa ukuqeda inkwethu. Uthe ungathela amaconsi etea tree kwishampoo oyisebenzisa uma ugeza ikhanda noma ulungisa izinwele zakho ekhaya.
Okunye athe ungakusebenzisa ukugxoba ugarlic, uwugcobe esikhunjeni kodwa uthe abantu abaningi abathandi ukwenza lokho ngoba ugarlic unephunga eliphuzayo ukuphela kodwa ugcizelele ekutheni usilungele isikhumba sakho.
UDkt Asmal weluleke kanje:"Ukuze ukwazi ukuthola imiphumela emihle kumele ugxobe ugarlic uwufake emanzini, ugeze ngengxube yawo namanzi.“
Inhlaba uthe kumele ukhipha uketshezi lwayo ulugcobe ezinweleni nasesikhunjeni.
Eminye imikhiqizo engasetshenziswa, i-apple cider vinegar oyixuba namanzi, uwoyela i-Omega3, iflaxseed, ichia seed namawalnut.