IVOLVO C40 Recharge iyabukeka futhi iyiSUV eyicoupe Izithombe: FANELESIBONGE BENGU
IMOTO: VOLVO C40 RECHARGE
I-VOLVO Cars South Africa ingenye yezinkampani eziseqhulwini, ekuletheni izimoto ezihamba ngogesi eNingizimu Afrika.
Empeleni ngohhafu wokuqala ka-2023, idayise izimoto eziwu-99 esigabeni samaC-SUV. Yisibalo esihle uma ubheka ukuthi zingu-502 izimoto zikagesi ezidayise kuleli ngalesi sikhathi. Lokhu kuyenze yaba sendaweni yesibili ngokudayisa kakhulu izimoto zikagesi.
Okusizile wukuthi isikwati sayo isiqinise nangokwethula i-C40 Recharge. IyiSUV encane eyicoupé ekhanga ngobuhle bayo. Lokhu kuyenza idonse amehlo abantu baphenduke nayo yize ihamba buthule ngoba ingadumi.
Inamalambu angamaLED ngaphambili nangemuva kanjalo namarimu angu-20 inch.
Ubude bayo obungu- 4440 mm benza ukuthi ivuleke kahle ngaphakathi yize ungayibuka sengathi yincane ngaphandle.
Iwheelbase ingu-2702 mm okwenza ukuthi abagibeli abayisihlanu bangene kahle nabangemuva bangampintsheki amadolo. Njengoba iyicoupé nje, ngemuva kumele uqaphele ikhanda lingashayi phezulu uma ungena.
Isikhala ebhuthini singu-404 litha futhi sinento enhle eyenza ukwazi ukuyihlukanisa phakathi nendawo ukuze oplastiki bakho bengalokhu begungquza phakathi.
Njengoba ingenanjini nje, nakwibhonethi kunesikhala sokubeka impahla kodwa kimi bekubekwe izintambo zokuyishaja.
Njengoba kwaziwa ukuthi izimoto zikagesi okunye ezikwenzayo ukuvikela imvelo ngokungakhiphi usisi olungcolisa umoya kodwa kwaVolvo lokhu bakuqhuba nangezinto abayakhe ngayo ngaphakathi. Okhaphethi nje basebenzise izinto ezindala nasezihlalweni ezizishaya sasikhumba.
Engikuthanda ngayo yindlela ingaphambili layo elakhiwe ngayo. Akukho buxhakaxhaka bezinto. Kunamekwe itouchscreen infotainment system odlala kuyo umsakazo (ngezipikha zeHarman Kardon), inkombandlela yakwaGoogle Maps, ubona imininingwane ngemoto, uxhuma iselula nge-Apple CarPlay, uveza ingaphandle ngamakhamera nokunye. Empeleni amakhamera angaphandle adlala indima enkulu ngoba ebesihamba ngayo ibidimile. Kuhle emini ngoba ilanga alingeni kodwa ebusuku kwenza kube nzima ukubona ngaphandle kuze kuqophe ukuthi uvule iwindi.
Iwindi langemuva njengoba lilincane lenza kube nzima ukubheka izimoto ezikulandelayo ngesibuko ngoba akubonakali kahle.
Okunye okuhle yisunroof yayo engalingenisi edimayo emini bese ebusuku ingenise kahle ukukhanya kwangaphandle.
Iphinde ibe nedigital instrument cluster okwazi nokuveza inkombandlela kuyo nokuyinto enhle. Inkombandlela ikuthatha ikuse lapho oya khona ngamandla ayo.
Idonsa ngawo womane amasondo ngezinjini ezimbili zikagesi. Amandla lawa angu-300kW netorque engu-660Nm. Awangatshazwa ukuthi akhona ngoba uma unyathela ijubane linyuka mawala nokuyinto elula ukuyikholwa ukuthi kuyithatha imizuzwana engu-4.7 ukusuka ku-0 iye ku-100km/h. Emgwaqweni inakho ukuzwela kancane ngoba ithe ukuqina.
Ijubane limiswe ku-180km/h ngoba uma ugijima nendlela edla ngayo ibhethri iyashesha.
Ngiyishaje yagcwala yangitshela ukuthi ingahamba amakhilomitha angu-390 nokuyinto engekho kude kuno-444km oshiwo kubo kwayo. Ibhethri layo lingu-79kWh.
Ekhaya bathi kuyithatha amahora ayisishiyagalombili ukuyigcwalisa eshajeni enamandla angu-11kW.
Ngiyishaja kweyasenxanxatheleni yezitolo iGateway, enamandla angu-60kW, kuyithatha ihora isuka ku-23% bese iyagcwala.
Okunye engikuthanda ngayo wukuphepha kwayo ngoba iyasho uma izoshayisa iphinde ibhreke, iyakusiza ukuhlala emzileni, iyasho uma kunemoto engemuva ngesikhathi uhlehla nokunye.
I-C40 Recharge ngiyibona ingenambangi eqondile emakethe yaseNingizimu Afrika njengoba iyiSUV eyicoupe futhi ehamba ngogesi. Usungaze ubheke kwezihamba ngophethroli noma udizili.
Intengo:
R1 324 000
Ifika nemaintenance plan yeminyaka emihlanu newarranty (eyebhethri okungeyeminyaka eyisishiyagalombili noma u-160 000km), isigubhu sokushaja ekhaya nekhebuli lokushaja endaweni yomphakathi.
Related Topics: