ABEBLUE Chevron befundisa abantu ukushayela
Image: SITHUNYELWE
IMIGWAQO yaseNingizimu Afrika ikweyingozi emhlabeni njengoba kubhubha kuyo abantu abalinganiselwa ku-12 000 unyaka nonyaka.
Lokhu sekubhebhethekise isiphakamiso sokuthi kubuyekezwe indlela yokuhlolelwa ukushayela yeK53 njengoba abanye bephakamisa ukuthi kumele kuthuthukiswe ukufundisa nokuvivinya abashayeli ngenxa yokwehla kwezinga lokuziphatha kwabashayeli nsukuzonke,
I-K53 yaqala ukusetshenziswa eminyakeni yo-1980 njengento yeCouncil for Scientific and Industrial Research. Ihlanganisa ukubhala izivivinyo ezivumela ukuthi ophasile abe ne-learner’s license kanjalo nokuhlolelwa ukushayela bukhoma okuthi uma uphumelele ube nelayisensi.
Yize yayisuselwa ohlelweni lwase-UK ngaleso sikhathi, iK53 isineminyaka engaphezu kuka-40 yaphelelwa yisikhathi.
ULunga Ntsendwana ongumsunguli weBlueChevron Driver Training Academy uthe ukuhlolelwa ukushayela ngokweK53 kuyasiza ukufundisa umshayeli ukushayela ngokuzivikela. Uthe kufundisa ukubaluleka kokuqaphela, ukulindela nokukwazi ukubona ingozi iseza.
UKUHLOLELWA ukushayela ngokweK53 bakubona njengesingeniso kubashayeli
Image: SITHUNYELWE
Nokho uthe kunokushodayo njengokufundisa ngendlela umshayeli kanjalo nokubona upotsho abashayeli bakhethe ukwenza uCode 10 welayisensi.
Uthe uma kuhlolwa kugxilwa kakhulu ezintweni ezingathi shu njengokupaka nokusuka endaweni enyukelayo. Uthe uma indlela yokuhlola ingabuyekezwa angaphakamisa ukuthi kuqiniswe ukuvivinya emgwaqweni kushintshwe okwenzeka ebaleni.
“Kunokuhlola abashayeli ukuthi bayakwazi yini ukupaka, ngingakwenza kube yimpoqo ukuthi bonke bakhombise ukuthi bayakwazi ukubhreka ngendlela, ukushintsha umzila ngokushesha uma kunesimo esiphuthumayo ne skid recovery (ukubuyisa isiteringi uma imoto ijike mawala noma ingajikanga kahle)," kusho uNtsendwana.
Isikhulu seMasterDrive u-Eugene Herbert sithe siyesaba ukuthi ukuhlolwa ngeK53 kunikeza abashayeli abasha ukuthemba okungamanga ngoba akufundisi ngezimo zangempela zasemgwaqweni njengokusebenzisa umgwaqo nabanye abashayeli nihamba ngesivinini esiphezulu nasebumnyameni.
“Inkinga ukuthi ifundisa umuntu ukuthi yini okumele ayenze ukuze aphase. Lokhu kuhlanganisa ukwenza izinto ezifana nokubheka i-blind spot, ukusebenzisa izibuko, indlela yokusuka, indlela yokupaka nokunye kodwa akukho okukufundisa ngokushayela ngendlela ephephile,” kusho uHerbert.
Uthe ukuba kuya ngaye ngabe abashayeli abasha banqindwa ezintweni ezithile njengokushayela ebusuku, isibalo sabantu abavumeleke ukuba semotweni bese bephothula amahora athile beshayela ezimeni ezahlukene ngaphambi kokuthola izincwadi ngokugcwele.
Okunye azwakalise ukukhathazeka ngakho yinkohlakalo ngoba baningi abashayeli abathola izincwadi ngokukhwabanisa.
UNtsendwana ubuye wengeza ngokuthi u-60% wamalayisensi amasha akhishwa eNingizimu Afrika ngakaCode 10 ngoba ebonakala elula.
“Abashayeli abaningi bakhettha wona ngoba bekholwa wukuthi ayasiza uma ufuna umsebenzi. Ngaphezu kwalokhu abanye bagqugquzelwa ukuthi bakhethe wona ukuze bagweme ukuhlolelwa ukupaka,” kusho uNtsendwana.
Related Topics: