Iphoyisa laseGoli uRosemary Ndlovu ubhekene noxhaxha lwamacala okubulala nokuzama ukubulala amalungu omndeni wakhe nesoka lakhe ngenhloso yokuthola imali yemishwalense ezinkampanini ezehlukene ayebabhalise kuzo.Isithombe : ITUMELENG ENGLISH/African News Agency(ANA)
UNINA wephoyisa elisolwa ngokubulala abomndeni nokuzama ukumbulala naye ukuze lithole imali yomshwalensi uveze ukuthi akakholwa wukuthi indodakazi yakhe yazama ukumbulala.
UNkk Maria Mushwana, kuleli sonto ubethula ubufakazi ecaleni elibhekene nendodakazi yakhe.
UConstable Nomia Rosemary Ndlovu, owayesebenza esiteshini saseTembisa, eGauteng, kwethulwe ubufakazi enkantolo yaseGoli, ngamacala asolwa ngawo okuthengela amalungu omndeni wakhe izinkabi ukuze athole imali.
Ummeli kamsolwa ubuze unina ukuthi uzizwa kanjani ngokuthi indodakazi yakhe kuthiwa yazama ukumbulala yakhokhela inkabi u-R2 600.
“Angikaze ngizizwe kabi ngalokho ngoba angikaze ngisatshiswe muntu emzini wami,” kusho uNkk Mushwana.
Ebuzwa ngesoka lendodakazi yakhe, uthe wayelazi, kodwa akanayo imininingwane ngokushona kwalo.
Ubuzwe nangokushona kwendodakazi yakhe ukuthi umsolwa wazi nini. Uthe kunzima ukukhumbula ngoba wayeshonelwe akazange azinake izinto eziningi.
Ebuzwa ngendodana yendodakazi yakhe nayo eyabulawa, ukuthi ngabe yahamba nomsolwa yini ukuphikile lokho wathi bahamba ngokuhlukana.
Uthe akaze ayibuze indodakazi yakhe engumsolwa ngokushona komzuluku ngoba wayengazi ukuthi ingaba nolwazi ngokushona kwakhe.
Umsolwa kuthiwa wazama ukubulala unina, udadewabo, abashana bakhe, futhi unamacala okubulala odadewabo ababili, isoka lakhe nezinye izihlobo. Wathola nemali yomshwalensi ecela ku-R1.4 million ngokushona kwabawu-6 bomndeni.
Ngokombiko wangaphambilini, phakathi kuka-2012 no-2018, wathinteka ekubulaweni kwabantu abayisithupha wabe esethola imali ezinkampanini zemishwalensi.
Ubanjwa nje, wayesehlele ukubulala udadewabo nezingane zakhe, kwaba nephoyisa elazenza inkabi, ayeliqashe ukuba libangqongqise nendlu.
UNdlovu ubhekene namacala ayisithupha okubulala, amane okukhwabanisa, elokuphazamisa ukusebenza kwamaphoyisa, namacala ayisishiyagalombili okwakha uzungu lokubulala.
Related Topics: