AFRICAN NEWS AGENCY (ANA)
UMCIMBI wedumela wokukhunga ingane kaMakhosazana Shelembe, obuhlelewe yisifundazwe, ngeke usaba khona. Lo mcimbi bekubhekwe ukuba ube seBotanic Gardens, eThekwini, ngeSonto, usumisiwe kulandela izindaba zokuthi kunomunye umcimbi ohlelwe ukuba ube ngempelasonto efanayo.
UMCIMBI wedumela wokukhunga ingane kaMakhosazana Shelembe, obuhlelewe yisifundazwe, ngeke usaba khona. Lo mcimbi bekubhekwe ukuba ube seBotanic Gardens, eThekwini, ngeSonto, usumisiwe kulandela izindaba zokuthi kunomunye umcimbi ohlelwe ukuba ube ngempelasonto efanayo.
UMaShelembe waba sematheni evela ohlelweni uMnakwethu, lapho umyeni wakhe wamtshela ukuthi ulobole umnakwabo obeyintombi, futhi okhulelwe.
Ngenxa yokuthinteka wudaba lukaMaShelembe, owayeyintatheli nolelwa amalungelo abantu, uNcumisa Ndelu, wamthinta ecela ukuba aze eThekwini ngempelasonto ngoSepthemba 26 ngenhloso yokuthi atotoswe ukumelapha, ukuze akhohlwe ngokwenzekile.
UNdelu ngeledlule utshele i-IOL ukuthi ngesikhathi bekhuluma noMaShelembe wakuveza ukuthi uzithwele, kwase kuba nohlelo lokuba enzelwe indumezulu yomcimbi wokukhunga ingane yakhe ngoSepthemba 26.
Abantu bebengaletha izipho zengane. Ukutotoswa kwakhe kwakubala ukususwa eNquthu eza eThekwini ehamba ngemoto kanokusho, athole ezikhalakahle impelasonto yonke, konke lokhu bekuzokuba ngokunikelwe.
NgoMsombuluko, uNdelu umemezele ezinkundleni zokuxhumana ukuthi umcimbi ngeke usaba khona ngoba kukhona omunye umcimbi wokukhunga ingane osuhleliwe ngalelo suku eMpangeni.
“NgoLwesihlanu ntambama, ungazisile ukuthi uhlelelwe omunye umcimbi kodwa wathi uyeza kowaseThekwini ngoba imina engakhuluma naye kuqala. Namhlanje kade ngishayela ucingo ngibuza isikole esiseduze ukuze umshayeli ezokwazi ukumlanda. Ungitshele ukuthi uya eMpangeni ngoLwesihlanu. Ngibe sengimbuza ukuthi kuzokwenzeka kanjani pho ukuthi izinto zangempelasonto zenzeke zonke?” kusho uNdelu.
UMaShelembe umcele ukuba axhumane nomunye wesifazane ohlela umcimbi, kwacaca ukuthi imicimbi yomibili ihlelelwe usuku olulodwa. UNdelu uthe ube esekhetha ukuwumisa owakhe.
Owesifazane ovezwe njengoNomfundo naye uhlela umcimbi, nokuvele kwacaca ukuthi uMaShelembe angeke abe sezindaweni ezimbili ngesikhathi esisodwa.
UNdelu uthe uthobekile indlela abantu abakhombise uthando kuMaShelembe ngokufuna ukumsiza. Uthe kuhle lokhu kumele kuqhubeke nakwabanye abantu.
Related Topics: