USATHUKILE unina wengane eminze emphongolweni endlini kade ithi ikha emanzi eHammarsdale.
UBandile Zewande Khumalo (7), obefunda uGrade 1 Esihonqeni Primary, eHammarsdale, ushonele kubo ngoLwesine olwedlule.
Isolezwe lithole ukuthi unina ubemgeza, wase eyaphuma eya kwenye indlu, wabuya esevele ngezinyawo emphongolweni.
Unina, uNksz Slindile Khumalo, elandisa Isolezwe, uthe namanje usathukile ngakubonile, uthe uzamile ukuhlenga ingane yakhe kodwa wehluleka.
“Ngibeke amanzi okugeza ashisayo, ngithi sengi-ayina iyembe ngibone ukuthi linemikhono emincane. Ngimthelele amanzi ukuze ezobe egeza. Ngithe akapholise amanzi okugeza ngisayolanda elinye iyembe ngoba leli belinemikhono emfishane kanti kumakhaza. Ngizwe enye ingane yami eneminyaka emine ingimemeza ithi uBandile usemphongolweni.
“Ngagijima. Ngimfice emphongolweni evele ngezinyawo. Ngazama ukuhlenga impilo yakhe, ngimkhiphile ngazama ukukhipha amanzi kodwa ngahluleka. Ngabiza umfowethu ukuba angisize, kwangenzeka. Sashayela i-ambulensi, yafika kodwa kwathiwa useshonile. Umphongolo ubumude kunaye. Ubethanda ukupholisa amanzi,” kusho unina wengane.
Uthe simhlukumeze kakhulu lesi simo sokushonelwa yingane.
“Akudleki, ngiphethwe ikhanda. Ngisathukile ngento engiyibonile, ingane yami ivele emphongolweni ngezinyawo. Ngavele ngaqala ukuya esikhathini ngenxa yendlela engithuke ngayo. Namanje ngisathukile,” kusho uNksz Khumalo.
Uthe uzoludinga usizo lokulashwa ngokomqondo ngakubonile.
Ugogo wengane, Nkk Thobile Khumalo, uthe badumele ngokubavelele.
“Umoya wami wonakele kakhulu, bengibona ikusasa eliqhakazile kumzukulu wami. Bengithi uzongingcwaba ngelinye ilanga,” kusho uNkk Khumalo.
Uthe bebesalungisa nekhansela, uMnuz Malulu Sikhakhane, njengoba becele kuyena abalekelele ngokufihla ngoba akekho osebenzayo ekhaya.
USikhakhane ngeSonto, uthintwe Isolezwe ehambele umndeni ewuphathele ukudla, eyobhonga emswaneni. Uthe usaxhumana nosomabhizinisi ukulekelela umndeni.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbele, uthe kuvulwe idokodo ngokushona komuntu.
Related Topics: