Crime
USALE ushaqekile umphakathi waseShayamoya KwaNyuswa ngokubulawa kowesilisa ethaveni kade kuphuzwa.
UMnuz Mxolisi Thabani Zwane (31), kuthiwa ubehlezi kuveranda wasethaveni ebizwa ngokuthi ikwaHectors ngesikhathi kuzwakala kuqhuma isibhamu.
Isigameko senzeke ngoLwesihlanu ngabo-10 ebusuku.
Umufi kuthiwa ubonwe ewa phansi, eselele edanyini legazi.
Ababekhona kule ndawo yokucima ukoma kuthiwa baphuthume baya kubo beyohlaba umkhosi.
Unina uNkk Fakazile Zwane, ufikile endaweni yesigameko, wayikhomba indodana yakhe kwabizwa amaphoyisa.
Ngokuthola kweSolezwe bonke abantu abebekule ndawo yokucima ukoma kuthiwa abazange babone ukuthi kwenzekeni noma ubani odubulile.
Abaningi kuthiwa bahambile baya emakhaya emuva kwalesi sigameko.
Izolo Isolezwe lifonele unina kamufi, ucingo lwakhe beluvaliwe.
Umufi kuvele ukuthi udutshulwe ekhanda nasentanyeni.
Umthombo ocele ukungadalulwa uthe kubathusile okwenzekile ngoba abazi ukuthi bekubangwani, uthe abantu endaweni sebeyasaba ukuyophuza kule ndawo.
“Le nto iyasidida futhi sishaqekile siwumphakathi ngoba asazi ukuthi ubani omunye ozodutshulwa bese kuyathuleka nje,” kusho umthombo.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Thembeka Mbele uthe kuvulwe icala lokubulala esiteshini saseHillcrest.
“ Uphenyo ngokudutshulwa kowesilisa oneminyaka engu-31 lusaqhubeka, imbangela ngokuhlaselwa kwakhe ayaziwa. Akekho osaboshiwe,” kusho uCol. Mbele.
Onolwazi ngalesi sigameko kunxuswa ukuba abikele amaphoyisa ngokushesha. Abanikazi bendawo ethintekayo abazange betholakale izolo njengoba izinombolo zabo zingazange zitholakale kwaze kwashaya isikhathi sokushicilela.
Related Topics: