Lokhu kuvezwe nguNgqongqoshe wamaPhoyisa kuleli, uMnuz Bheki Cele, ngesikhathi ephendula imibuzo ePhalamende, yomholi we-FF Plus, uMnuz Pieter Groenewald, othe isimo siyaqhubeka siba sibi. Isithombe: Leon Lestrade. African News Agency/ANA.
SIYAKHULA isibalo semiphumela yolibofuzo (DNA) eduvile, okumele inikezwe imindeni ukuze ikwazi ukungcwaba izihlobo zayo nokuxazulula amacala ocansi nawokuhlukunyezwa kwabesifazane ngenxa yobulili babo.
Kunamacala angu-237 631, kusukela ngoMashi 1 2021, okusamele axazululwe okulindelwe imiphumela yolibofuzo.
Lokhu kuvezwe nguNgqongqoshe wamaPhoyisa kuleli, uMnuz Bheki Cele, ngesikhathi ephendula imibuzo ePhalamende, yomholi we-FF Plus, uMnuz Pieter Groenewald, othe isimo siyaqhubeka siba sibi.
Ngokusho kukaCele, uphiko lwe-biology emaphoyiseni olusePitoli lusalele emuva ngamacala angu-137 849 olibofuzo kuthi olwaseWestern Cape lusalele ngawu-83 292.
Uphiko laKwaZulu-Natal lona lusalele emuva ngemiphumela engu-8 519, e-Eastern Cape basalele emuva ngewu- 7 971.
Lena yimiphumela yolibofuzo engakaphumi kusukela ezinsukwini ezingu-36 kuya kwezingu-1 201, ngokusho kukaCele.
UGroenewald uthe akanelisekile neze ngendlela amaphoyisa nabenza ulibofuzo abaqhuba ngayo ekuqinisekiseni ukuthi lesi simo siyalungiswa.
“NgoMeyi 11 nonyaka uCele wathi izinamba zabalinde ulibofuzo zihlezi ku-208 291, manje akuphendulayo uthi ziku-237 631. Lesi sibalo siyakhula. Kunabantu asebelinde cishe iminyaka emithathu ukuze kubuye imiphumela yolibofuzo,” kusho yena.
Uthe okwenza isimo sibe sibi ukuthi uMengameli Cyril Ramaphosa, uCele noMkhuzi wamaPhoyisa, uGeneral Khehla Sitole, bavuma ukuthi lesi simo asamukelekile futhi kumele sixazululwe ngokushesha,” kusho uGroenewald.
Uthe lesi simo sihlukumeza kakhulu abesifazane ikakhulukazi abebeyizisulu zokuhlukunyezwa ngenxa yobulili.
Related Topics: