I-IFP ikhala nge-ANC ngendlela esingethe ngayo indaba yeSilo uMisuzulu kaZwelithini. Wathathwa efika esigodlweni saKwaKhangela Isithombe: Motshwari Mofokeng/ African News Agency (ANA)
IQEMBU i-IFP likhala ngohulumeni waKwaZulu-Natal, oholwa yi-ANC, ngendlela alusingethe ngayo udaba lwasendlunkulu.
Isitatimende esithunyelwe kwabezindaba, i-IFP ithi ayeneme ngendlela uhulumeni we-ANC osingethe ngayo izindaba zendlunkulu.
“I-IFP ikhathazekile ngendlela uhulumeni we-ANC owenza ngayo uma kubhekwa izindaba zasendlunkulu. Kuneziphakamiso ze-ANC eziseSishayamthetho sakwaKZN sokuba ukuhlonishwa kweSilo ngabezomthetho, kuvalwe. Ukuvulwa kweSishayamthetho obekuba izinsuku ezimbili, bafuna kube usuku olulodwa. Inkulumo yeSilo ingabikhona. Bafuna kuhlangane inkulumo yeSilo nekaNdunankulu, lokhu kukhombisa ukungasihloniphi iSilo. Ngaphezu kwalokho uhulumeni we-ANC ukhombisa ukweseka uhlangothi olungafuni ukuba kubekwe iSilo, ngokuthi ungaseki imikhosi okubalwa uMkhosi woMhlanga obuseMachobeni, eNgwavuma naseNyokeni noMkhosi weLembe obuKwaDukuza,” kusho isitatimende se-IFP esithunyelwe omunye wabaholi eqenjini uMnuz Blessed Gwala, oyilungu lePhalamende.
Isitatimende siveza nokuthi lokhu kuhlukumeza umndeni wasendlunkulu.
Kuthintwa okhulumela uNdunankulu uMnuz Sihle Zikala, uMnuz Lennox Mabaso, uthe ngeke baphawule ngodaba oluthinta indlunkulu ngoba izindaba zakhona bazikhuluma nabo hhayi nabamaphephandaba nosopolitiki.
“Indlunkulu inabantu abayikhulumelayo, uhulumeni ngeke uzithole usuphendulana ngamazwi nosopolitiki ngento ethinta abasendlunkulu. Sisazosibheka isitatimende abasibhalile,” kusho uMabaso.
Kuthintwa okhulumela indlunkulu uMntwana uThulani Zulu, uthe ngeke bangene odabeni losopolitiki.
“I-IFP ixoxa ne-ANC thina sihlangana kuphi? Isitatimende angikakasiboni. Into esuka kwelinye iqembu iya kwelinye, asikwazi ukungena ezingxoxweni zayo. Ngizocela ukuba singasho lutho siyindlunkulu. Umbono weqembu elithize nje lowo. Sifakwa ngekhanda endabeni okungeyona eyethu,” kusho uMntwana uThulani.
Ebuzwa ngesimo seSilo uMisuzulu, njengoba kuvele ukuthi akaphathekile kahle kade kunoMkhosi weLembe ngoLwesihlanu, ubhoke wakhahlela wathi ngeke aphawule kwiSolezwe ngalolu daba.
“ Angiyithandi lento yenu ukusithinta uma kunezinkinga noma nithi kunezinkinga. Akukho lutho engizoluphendula ngalokhu ongibuza kona,” kubeka uMntwana uThulani.
Related Topics: