UDlamini Zuma usethi khumu ePhalamende

Intatheli YeSolezwe|Published

Ilungu lesigungu esiphezulu kwi-ANC uDkt Nkosazana Dlamini Isithombe: Oupa Mokoena/African News Agency (ANA)

Sekuvele incwadi okuthiwa ibhalwe yilungu lesigungu esiphezulu se-ANC, uDkt Nkosazana Dlamini Zuma ebhekiswe eqenjini lapho eveze khona ukuthi akasabuyi njengelungu lePhalamende ngemuva kokhetho likazwelonke nonyaka.

UDlamini Zuma (74) usebe yilungu lePhalamende kusuka ngo-1994. Uke wahoxa ngesikhathi eqokwe njengoSihlalo we-African Union ngo-2012 ngaphambi kokubuya ngo-2017.

Kule ncwadi uqala ngokubonga ukumenywa ukuthi azokwenza inhlolokhono ukuze abe sohlwini lwabazomela iqembu ePhalamende. Inhlokokhono kubhalwe ukuthi ihlelelwe uLwesibili ekuseni.

Incwadi okuthiwa ibhalwe nguDkt Nkosazana Dlamini Zuma

“Ngithanda ukubonga bonke ubuholi be-African National Congress kusuka kuzwelonke, esifundazweni, isifunda nasemagatsheni ngokunginika ithuba nokungeseka ekusebenzeleni izwe nabantu baseNingizimu Afrika njengomsebenzi womphakathi nanjengelungu lekhabhinethi kusuka ngo-1994.”

Uthe ngeke aze aye kwinhlolokhono ngoba usenqume ukuthatha umhlalaphansi njengelungu lePhalamende.

Incwadi esayinwe ngoLwesihlanu ivela ukuthi ibibhalelwe uMnuz Kgalema Motlanthe onguSihlalo wekomiti lezokhetho kwi-ANC.