IFathers Matter yinhlangano yabesilisa ababamba iqhaza lokuba ngobaba ezinganeni ezingenabo obaba isithombe: Sithunyelwe
UKUBUKA ubunzima bokukhula ngaphandle kukababa kodwa ekhona ephila yikona okwenza amadoda aqotho aqhamuke nezinhlangano ezilekelela nezinikeza izingane ezingenabo obaba uthando futhi bazeseke.
INingizimu Afrika ihamba phambili ngesibalo sezingane ezikhula ngaphandle kobaba abazizalayo kanti lokhu kubikwa ukuthi kunomthelela omubi kakhulu nodala isilonda esijulile ekukhuleni kwengane.
Ukungabibikho kukababa oseduze, onakekela noyesekayo ingane kunomthelela ezimeni ezingezinhle njengokusetshenziswa kwezidakamizwa, ukukhulelwa kwezingane, udlame lobulili nodlame lwasemindenini.
Iningi lalezi zinkinga zingagwemeka ngisho engekho ubaba okuzalayo kodwa ukuba khona komuntu ongubaba empilweni yakho kwenza umehluko.
UGeorge Mwaura, ongumqondisi wenhlangano engenzi nzuzo, Isiseko Imara, futhi ubuye abe yinxusa le-Heartlines Fathers Matter, uyisibonelo esihle sabantu besilisa abasebenza ngokuzikhandla ukuvala isikhala ezinganeni ezingenabo obaba.
UMwaura uneminyaka ecela kwemine esebenza njengomqeqeshi nobaba ezinganeni ezingenabo obaba ikakhulukazi ezabafana. Uthi lokhu kumfundise lukhulu ngempilo nangezinqumo ozithathayo.
“Ukuthatha isinqumo sokuba ngubaba empilweni yengane kuwumqansa ngoba kumele ukwazi ukuyeseka ngokwemizwa nangawe siqu sakho, ubonakale ngezenzo, uzikhathaze ngezinto ezithandwa yingane nangokuvikeleka kwayo,” kusho yena.
Uthi izingane eziningi asebenza nazo zikhuliswa omama noma ogogo kuphela futhi bancane abantu abangobaba empilweni yabo. Uthi esikhathini esiningi abantu besilisa abagqamayo yilabo abahlukumezayo nabaziphethe budlabha nokubeka izingane zabafana engcupheni yokulandela bona ngoba yikona kodwa abakwaziyo nabakhule bekubona.
“Isibopho sami wukuhlakaza lezi zindlela, ukuhlinzeka ngokuphepha nokuvikeleka kanye nokuzinikeza isiqondiso. Ngiyazi ukuthi akhona amadoda anyonyobela izingane futhi leyo yinto esiyigxekayo ngaphandle kokuzigodla. Njengobaba nabesilisa bezenhlalakahle kuleli, sinomthwalo wemfanelo wokuvikela izingane nokuzigcina zikude nabahlukumezi.”
Related Topics: