ENYE yama-transformer amathathu ashaqwe amaphoyisa eFochville, eGauteng kwaboshwa ikhehla elina-80 Isithombe: SAPS
LIZOCHITHA impelasonto esitokisini ikhehla elineminyaka engu-80 eliboshelwe ukuxhumela abantu ugesi wezinyokanyoka ka-R6 million.
Umsolwa uboshwe uphiko lwamaphoyisa olulwa nobugebengu obuthinta inkampani ehlinzeka ugesi i-Eskom elabunjwa ngo-2022.
Umsolwa uboshwe ngoLwesibili eFochville, eGauteng. Usolwa ngokuxhuma ugesi ngokungemthetho, awusabalalise bese ewudayisela abantu abahlala epulazini lakhe.
Amaphoyisa abesebenzisana nabase-Eskom nabaseCity Power avundulule ama-transformer amathathu, izigubhu zikagesi eziwu-119 nensada yamakhebuli abehambisela abantu ugesi ezindlini.
Okhulumela amaphoyisa kuzwelonke uBrigadier Athlenda Mathe uthe umsolwa uvele enkantolo ngoLwesithathu ebhekene necala lokuphazamisa ukusebenza kwengqalasizinda emqoka ebiza uR90 000.
“Usolwa nangokweba ugesi ongabiza u-R6 million nokweba izigubhu zikagesi zenani lika-R476 000. Icala lihlehliselwe uLwesithathu ngesonto elizayo ukuze acele ibheyili,” kusho uBrig Mathe.