UMNUZ Yanga “Bara” Nyalara kusolwa ukuthi usale enkundleni belwa namaphoyisa Isithombe:FACEBOOK
UBHONGOZA ekuhlukumezeni osomatekisi ungomunye wabantu abaqothwe ngenhlamvu ngamaphoyisa ngesikhathi ibambene phezulu ngoLwesine ntambama, endaweni yaseGcuwa, e-Eastern Cape.
Ngokusho kwemithombo esondelene nodaba, ubhongoza owaziwa ngelikaMnuz Yanga “Bara” Nyalara, ungomunye wabasolwa abayisithupha abebehlome beyizingovolo ngezibhamu abayiswe koyisemkhulu. Lesi sigameko siqinisekiswe ngokhulumela amaphoyisa kulesi sifundazwe, uLieutenant Siphokazi Mawisa.
UBara obenoxhaxha lwamacala abevulwa abuye asulwe eminyakeni edlule ngenxa yokuthi abebewavalile bebesaba ukufakaza noma ukubulawa, ubesatshiswa okwenyoka endaweni yaseKhayelisha. Le nsizwa ebinguthisha ofunde wagogoda beyisolwa ekufeni kwabantu abangu-18 kulesi sifundazwe.
Lo msolwa odabuka eCofimvaba, kuthiwa ubebize ukhukhulelangoqo womhlangano nabemboni yamatekisi, ebeka imigomo nemibandela yezinto azifunayo, kwazise ubephila kakhulu ngokuthola imali yokuvikela.
Kuthiwa ubeqoqa uR2000 njalo ngoLwesibili bese efuna uR30 000 ekupheleni kwenyanga.
Kubikwa ukuthi usuke emhlanganweni watholana phezulu namaphoyisa ehamba nonogada bakhe eGcuwa, kwaba ongaphansi nongaphezulu, lwagcina lugobile kuye .
Related Topics: